d Ngomhlangano owenziwe ngokufanele ukuqhubeka nokubeka udaba kuhlelo, uSihlalo womhlangano uqinisekisile ukuthi isaziso sokubiza umhlangano Wesithathu Wonyaka Ojwayelekile wamalunga eSikimu ngokuhlangene nohlelo lomhlangano olusemqoka, umbiko weBhodi lama-Trustees, izitatimende zezimali zonyaka ezicwaningiwe futhi ezifingqiwe kanye nombiko womcwaningi wamabhuku kuthunyelelwe kumalunga ngaphambi kokuphela kukaMeyi 2009 ngokweMithetho yeSikimu.
b Usihlalo womhlangano uqinisekise ukuthi amalunga awazihambisanga izixazululo eziphakanyisiwe ngokuhambisana nemihlinzeko yoMthetho 28.1.5 wakwa-GEMS wase ephakamisa ukwamukelwa kohlelo olunikezwe amalunga edeskini lokubhalisa. Umhlangano uqaphele ukuthi amanye amalunga asebenzise amafomu okumelela ukuhambisa izincomo zawo eSkimini nokuthi lezi zindaba ziyophakanyiswa ngesikhathi sesikhathi semibuzo nezimpendulo. UMnu. Adriaan Van Wyk uphakamise ukuthi uhlelo lwamukelwe futhi isiphakamiso senanelwa uMnu. John Themba.
b Umhlangano waqaphela ukuthi imigomo yeMithetho yeSkimu, izixazululo ezadluliswa kunoma yimuphi umhlangano ojwayelekile wonyaka kufanele ube ngendlela yamavoti amaningi amalunga onke akhona futhi amelwe umbambeli c Usihlalo wazisa umhlangano ukuthi iSkimu samukele amafomu okuqokwa kwabameleli awu 207 asemthethweni kumalunga ngosuku lokugcina lomhlaka 19 Juni 2009. Isamba esiphelele samafomu abameleli angu 48 kwadingeka ukuthi alahlwe njengoba ayequkethe izinombolo zobulunga ezingalungile noma zingabhaliwe noma kuqokwe abantu abangesiwo amalunga eSkimu njengabameleli.
d Umhlangano waphinda waqaphela ukuthi amalunga eSkimu ayeqokwe amanye amalunga ukuthi awavotele wonke angama-trustees kanye namalunga ethimba Labaphathi Abakhulu beSkimu. Abantu abakhethiwe, bakhombisa ngomhlaka 23 Juni 2009 emhlanganweni weBhodi Lama-Trustees ukuthi bafisa kanjani ukuvotela isixazululo ngasinye esibekwe emhlanganweni.
e Emva kokubekwa nokuxoxwa kwezixazululo ezilandelayo ngasinye, uSihlalo wazisa amalunga ukuthi ababambeli abaqokiwe bavote kanjani wase ebeka etafuleni izixazululo ukuze zamukelwe.
Usihlalo wabeka amaminithi ukuze amukelwe.
Amaminithi Omhlangano Ojwayelekile Wesibili Wonyaka amukelwa emva kokuthi uMnu Manganyi Abraham aphakamisa ukuthi umhlangano wamukele amaminithi kanti isiphakamiso sasekelwa uMnu Nxumalo Themba.
Usihlalo womhlangano wabeka izitatimende zonyaka zezimali zonyaka ophele mhlaka 31 Disemba 2008 ukuze zamukelwe wase azisa umhlangano ukuthi amalunga ahlinzekwa ngezitatimende zezimali ezifinyeziwe ezicwaningiwe ngaphambi komhlangano.
Usihlalo womhlangano waluleka amalunga ayekhona ukuthi ngokuhambisana namafomu abameleli amukelwe, amalungaangama205avotelaukwamukelwaKwezitatimendeZezimaliZonyakazango2008ngenkathikungabanga nalunga elavota laphikisa ukwamukelwa kwezitatimende zezimali. Amalunga ama 2 afisa ukungavoti.
Umhlangano wezwa ukuthi inqubo yethenda evuliwe yalandelwa ukuthola ifemu yabacwaningi bamabhuku ezoqokwa njengabacwaningi bamabhuku bangaphandle beSkimu onyakeni wezezimali owaphela mhlaka 31 Disemba 2009.
Iskimu saqhubeka nokukhula ngo2009 futhi ngale kwalokhu kukhula okuqhubekayo, usayizi ophelele webhizinisi nezinselele ezavela, kube nempumelelo eningi egqamile eyenzeke ngo2009. Ibhodi lama-Trustees lakwa-GEMS liyaziqhenya ngenqubekela phambili eyenziwa iSkimu nangendlela izinselele ezavela ngo2009 ezasingathwa ngayo nanokuthi izinto ezibalulekile kubantu abangaphansi kwe-GEMS zivikelwe ngaso sonke isikhathi.
Ukuhlinzeka bonke abasebenzi bemisebenzi kahulumeni babe namathuba alinganayo okuba nezinzuzo zokunakekelwa kwezempilo okuphelele okungabizi.
Uhlelo lokuphatha lenkampani olubukhali leSkimu lwenza kufuneke ukwakheka kohlelo lwamasu lwesikhathi esifishane nolwesikhathi eside oluhola noluqondisa ibhizinisi leSkimu. Impumelelo yakwa-GEMS ibalwa emandleni ezakhiwo zayo zokubusa nezokuphatha, kanye nasekuhleleni kwayo kwamasu okubukhali ekwenzayo - ndawonye lezi zici ziqinisekise ukuthi u-GEMS wakhe irekhodi elilandelekayo lokusungula ngempumelelo izinhlelo zakhe zonyaka zamasu nokufeza izinjongo eziqukethwe kulo.
Ibhodi lenze ukuhlela ngamasu kuka2009 ngokuqonda ukuthi iSkimu sesibe inhlangano evuthiwe eyakhiwe indawo yokusebenza ephelele nezinhlelo zokuphathwa kwezimali ezibukhali. Ukuhlela kwenziwa ngombono wokuqhubezela ukubeka u-GEMS njengeskimu sezokwelapha esihamba phambili, esisebenzayo nesiphumelelayo sabasebenzi bakahulumeni.
Ibhodi libukeze ukwakheka kweKomidi elasungulwa yiBhodi lika2009 ngombono wokusebenzisa ngokugcwele amakhono nobungcweti bama-trustees namalunga eKomidi elizimele. Ubukezo lweBhodi lwabheka futhi ukufaneleka kwemigomo yerefurensi yamaKomidi kanti izinguquko ezincane zadingeka.
Ama-Trustees asebenza kumaKomidi ango2009 njengoba kwabikwa ezigabeni 7 no 8 Zombiko Webhodi. Ibhodi lavuma Ekulinganisweni Bokusebenza Kwebhodi konyaka ukuthi amaKomidi asebenza kahle nokuthi ukubika kwiBhodi kungokwekhwalithi ephezulu.
Amalunga Ekomidi Elizimele asebenza ekucwaningweni kwamabhuku eSkimu, i-Ex Gratia namaKomidi Ezinxushunxushu ayaqokwa yiBhodi ukusebenza ehhovisi isikhathi esiyiminyaka emithathu kanti isikhathi senani lamalunga siphela ngesikhathi esingaphansi kobukezo. Ibhodi liqoke kabusha wonke la Malunga Ekomidi ngesinye isikhathi futhi seminyaka emithathu esiyophela ngo2012.
Izilinganiso zokubusa okulungile okwenziwa yiSkimu zathuthukiswa ngesikhathi sesikhathi esibukezwayo nesethulo senqubo yokuhlolisisa yama-trustees, amalunga ekomidi elizimele nabasebenzi. Inqubo yokuhlolisisa yakha ingxenye yohlaka lokubusa olulungile lweSkimu oluhamba ezakhiweni zokubusa nokuphatha zeSkimu, Ukuphathwa Kwezindaba Zokuqashwa Kwabasebenzi, Ukuphathwa Kohide Lokunikezela, Umgomo noHlelo lokuvimbela Ubugebengu.
UkulinganiswaKonyakaKokusebenzaKwebhodiLeSkimukwenziwangoSepthembano-Okthoba2009. Ibhodilenzaukuzihlola okwakugqugquzelwe ifemu ezimele ecwaninga amabhuku kanti ukwenza kweBhodi namaKomidi eBhodi kwatholwa kukuhle.
Ngokuhambisana nemithetho ebhalisiwe yakwa-GEMS, isikhathi sokusebenza sika 50% wama-trustees asebenza kwiBhodi lamanje lama-Trustees siyophela ngoJulayi 2010. Ibhodi elisha liyokwenziwa ukuqala ihhovisi ngomhlaka 21 Julayi 2010. Kuze kube manje, amalunga amakhulu eSkimu azokhetha ama-trustees amasha amathathu ngenkathi uNgqongqoshe Wemisebenzi Kahulumeni kanye nokuPhathwa kwayo eyokhetha futhi ama-trustees amasha ukwenza u 50% weBhodi.
Uma iBhodi, emva kokubheka umbiko womuntu noma isigungu esizimele, lanelisekile ukuthi ukhetho lwenzeke ngokuhambisana nenqubo ebekwe yiBhodi nokuthi bekuwukhetho olukhululekile futhi olungakhethi, Umphathi Omkhulu kufanele, ngokubhala incwadi azise aMalunga akhethiwe ngokhetho lwawo nosuku, nesikhathi nendawo yomhlangano olandelayo weBhodi bese ewamema ukuthi eze emhlanganweni.
Ibhodi likhuthaza amalunga amakhulu eSkimu ukuhlanganyela kwinqubo yokhetho luka2010 ngokubeka emqondweni ukuthi Ibhodi lama-Trustees linesibophezelo esibalulekile sokubheka izindaba zokuphathwa nezezimali zeSkimu nokwenza njalo ngokucabangela izidingo ezibalulekile zamalunga. Ngakho-ke kubalulekile ukuthi amalunga aphokophelele ukukhetha ama-trustees anobuqotho nanamakhono nolwazi olufanele lokwenza umsebenzi wama-Trustees.
Isinqumo sonamasheya sinomthelela okwenzweni kwebhizinisi okudalwe ukubambezeleka okunhlobonhlobo ekuqalisweni komsebenzi odingekayo ukuqedela ukwenza ngokuhambisana nezinhlaka zesikhathi ezibekwe Umkhandlu Wezikimu Zokwelapha.
Ithebula lomnikelo obhalisiwe weSkimu ligxile emholweni kanti amalunga akhokha iminikelo nyangazonke ngokuhambisana nomholo wawo wanyangazonke. Ukunyuswa komholo onyakeni kungadala ukuthi ilunga likhokhe iminikelo ephezulu ngenkathi lihleli kuhlobo lomvuzo ofanayo ngoba baye bafaneleke ukuba kwibhendi yomholo ophezulu.
Amalunga akwa-GEMS aba nokulungiselwa ibhendi yomholo (ngokubona amazinga emiholo awu 16 encishiswa eba wu 12), umholo wezindleko zokuphila zonyaka zanyuka kanye noKwabelwa Okuqondene Nomsebenzi (ama-OSD) ngo2009. Lezi zinguquko zenziwa ngokuhlehla, okusho ukuthi lawo malunga okwakufanele akhokhe iminikelo emikhulu nawo aba nesikweletu somnikelo.
Umthelela ekusebenzeni nasesimweni sezimali zeSkimu ngokuqondene nokuthola isilinganiso semali egodliwe edingwa Imithetho awufinyeleleki kalula. Ekuphokopheleni ukuvikela okubalulekile kwabangaphansi kuka-GEMS, iSkimu sizoqhubeka nokuxoxisana noMkhandlu Wezikimu Zokwelapha ngo2010 ukuqinisekisa ukuthi imithetho yokufaneleka kwamalunga eSkimu ihlala ihambisana negunya Lemisebenzi Kahulumeni elanikwa u-GEMS ekuqaleni kwawo.
Ibhodi linesibophezelo sokuqinisekisa ukuthi izinto ezibalulekile zamalunga ziyavikelwa ngokuhambisana nesigaba 57 (a) soMthetho Wezikimu Zokwelapha, nokuthi athokozela ukungena ngokugcwele nokuyimpumelelo kumalungelo awo ezinzuzo njengamalunga akwa-GEMS.
Ekufezeni isibophezelo seBhodi nenjongo yeSkimu yokuhlinzeka bonke abasebenzi bemisebenzi kahulumeni ngamathuba alinganayo okungena emivuzweni yonakekelo lwezempilo oluphelele nolukhokhekayo, izinyathelo eziningana zathathwa ukuthuthukisa ukungena nokuthuthukisa isipilliyoni ngemisebenzi kwamalunga.
Ibhodi lanika imvume yokuhunyushwa kwazo zonke izincwadi zokuxhumana zeSkimu namalunga ezilimini zonke eziyi11 ezisemthethweni. Iphrojekthi yaqala ngo2009 futhi iqhubeka iminyaka emithathu kuze kube u2012.
Iskimu sethule ukusetshenziswa kwezimvilaphu zokuphendula zebhizinisi mayelana nokuxhumana namalunga okudinga izimpendulo ezivela kumalunga.
Isevisi yokubheka imivuzo ye-SMS ukwenza amalunga ukuthi akwazi ukuqinisekisa ukuthi yimiphi imivuzo etholakalayo kuwona kanye nabangaphansi kwabo ababhalisiwe isiyethulwe kuzo zonke izinhlobo zemivuzo.
Zonke izikhungo okungenwa kuzo zamalunga akhona zilungiswe kabusha kanti ezinye ziyiswe emagcekeni amasha nathuthukisiwe. Isikhungo okungenwa kuso sesibili savulwa esifundeni ngasinye ukwenza lula kumalunga ukwamukela izinsizakalo "zobuso nobuso".
Izitatimende zomnikelo wamakota onke zethulwa ukulekelela amalunga ekuqinisekiseni ukuthi izimali ezikhokhwayo zihlala zisesikhathini esifanele.
Egameni leBhodi, ngifisa ukudlulisa ukubonga kwami okusuka ngaphakathi kimina kuDkt Eugene Watson, uMphathi Omkhulu wakwa-GEMS. Umphathi Omkhulu ukufezile obekulindelwe iBhodi nokuzigqaja okubekwe kuyena futhi uncamise ngokuhlangene iBhodi ngokuzinikela nangothando lwakhe luka-GEMS. Umphathi Omkhulu wenze Uhlelo Lwamasu oluvunyiwe luka2009 ngokuyimpumelelo futhi uqinisekise ukuthi ibhizinisi leSkimu lisebenza ngendlela eyimpumelelo neqeqeshekile.
Ibhodi lenelisekile ngemiphumela ezuzwe Abaphathi Abaphezulu BeSkimu nezingxenye zabasebenzi ngaphansi kobuholi obuhle bukaMphathi Omkhulu.
Ngo2009 iSkimu sibone isidingo sokunweba impokophelo yaso yokwenza kahle ngale kokulawula umsebenzi nezinto zokuqinisekisa zebhizinisi emandleni emisebenzi yonakekelo lwezempilo -okuyindawo efanayo lapho u 90% wazo zonke izimali zeSkimu zabiwa nokuthi uMthetho Wezikimu Zokwelapha ulichaza kanjani ibhizinisi leskimu sokwelapha. Uhlelo Lwamasu luka2009 olwamukelwa yiBhodi lama-Trustees lwadinga iSkimu ukuthi sakhele empumelelweni ekhona nokuthi siphokophelele ukuzuza impumelelelo esigabeni sonekekelo lwezempilo ngokusungula, ukuhlaziya ngokucophelela, ukuhlela okubukhali nokuphathwa kobungozi bezempilo obunamandla.
Ingqikithi ka2009, ethi "Ukungena onakekelweni lwezempilo oluhamba phambili olukhokhelekayo noluphethwe ngendlela eqeqeshekile", ihlose ukugcina nokuthuthukisa izibonakaliso zokusebenza zebhizinisi, ngenkathi inika iSkimu ithuba lokuqala ukuphenya umhlinzeko nothuthukile noma ukukhokhelwa kwezindleko ezihlobene nemisebenzi yonakekelo lwezempilo oludingekayo nolutholwa amalunga. U-GEMS waqala ukusebenza ukuguqula indlela ahlinzeka ngayo amalunga ngokungena ngokuphelele kwimisebenzi yonakekelo lwezempilo. Umsebenzi owenziwa ngo2009 uhlinzeka ngesisekelo sokuqhubeka nokusebenza ngalokhu.
Uhlelo lwamasu lonyaka linika umsebenzi kwizibophezelo zeBhodi ngokuqondisa imisebenzi yoMphathi Omkhulu nabaphathi, luhlinzeka ukulawula lapho ukusebenza kungaqashwa khona futhi luqinisekisa ukuthi ibhizinisi leSkimu lisebenza ngendlela enempumelelo neqeqeshekile. Okunye, uhlelo lwamasu lwenza iBhodi ukuthi libukeze zonke izinto zebhizinisi leSkimu ukuqinisekisa ukuthi, ngenkathi isebenza ngendlela eyimpumelelo, ibhizinisi lihlala liqhubeka kahle.
NjengoMphathi Omkhulu, ngingumphathi ophendula ngokwenzekayi kwiSkimu futhi kungumsebenzi wami ukuqinisekisa ukuthi izinhlelo zokusebenza zeSkimu zihlelelwe umsebenzi oyimpumelelo noqeqeshekile wohlelo lwamasu oluvunywe yiBhodi , okunye, ukubika njalo okuhleliwe kwezibonakalisi zokusebenza ohlelweni kuyenzeka.
Onyakeni obukezwayo, iBhodi lahlinzekwa ngemibiko yenqubekela phambili yamakota nokumiselwe umsebenzi owenziwe uqhathaniswa nezibonakalisi zokusebenza Ohlelweni Lwamasu. Umbiko wokugcina wahanjiswa kwiBhodi lama-Trustees mhlaka 10 Disemba 2009, uqinisekisa ukuthi u 96% wezibonakalisi zokusebenza zafezwa ngokuyimpumelelo.
Uhlelo Lwamasu lwasebenza njengesiqondisi esizungezelela konke ekuphatheni onyakeni wezimali ka2009. Kulokhu ngihambisa lo mbiko ngokuhambisana noHlelo Lwamasu. Ulwazi olwengeziwe kwizibonakalisi ezibalulekile zebhizinisi, izinkambo nezibalo ziyahlinzekwa Embikweni weBhodi lama-Trustees emakhasini 23 kuya ku 50 kulo mbiko.
Abalandeli abahlosiwe ngale mikhankaso baphendula kahle kanti iSkimu sizoqhubeka nokwenza le mikhankaso eyimpumelelo ngo2010.
Ngaphezu kuka 1,320 wezethulo nemiboniso eyenziwa onyakeni futhi, kakhulukazi, ubudlelwano obenzanayo phakathi kweSkimu neminyango kaHulumeni bathuthukiswa ngokusekelwa kahle kwezinsuku zezempilo nokuphila kahle ezingaphezu kuka 250.
Isu lokwenza lomhlinzeki weSkimu lathuthukiswa ngokwakhiwa nokusungulwa Kwencwadi yezindaba Zomhlinzeki Wonakekelo Lwezempilo eyathunyelwa kubahlinzeki bezonakekelo lwezempilo abangaphezu kuka 28,000 njalo ngekota. Izincwadi zezindaba Zabasebenzi Bezindaba Zabasebenzi ezingama 594 nazo zathunyelwa njalo ngekota. Iziqephu ezinhlobonhlobo nazo zafakwa ezishicilelweni zezinyunyana, ezishicilelweni zonakekelo lwezempilo, ezincwadini zezindaba zomnyango nasezincwadini zezindaba zakwa-GEPF njalo ngekota.
Uhlelo lwesihumusho lwesikhathi seminyaka emithathu lwaqala ngo2009 kanti zonke izimakethe zeSkimu nezinto zokuxhumana, kubandakanya Imithetho yeSkimu, kuyohunyushwa ngazo zonke izilimi ezisemthethweni. Ngo2009, izincwadi zezindaba zahunyushwa zase zenziwa zatholakala kwiwebhusaythi yakwa-GEMS.
Ucwaningo lokwaneliseka kwamalunga lwesibili leSkimu lwenziwa ngekota yesine ka2010 nemiphumela yokugcina nokuhlaziywa kwethulwa kwiBhodi mhlaka 10 Disemba 2009. Imiphumela yocwaningo yakhombisa ukuthi u 77.6% wamalunga athokozile ngezinsizakalo zeSkimu nokuthi isiphakamiso senani leSkimu sihambisana nezidingo zamalunga.
Imisebenzi yobubhalane esebenzayo yanikezwa iBhodi lama-Trustees naMakomidi eBhodi ngesikhathi sesikhathi esibukezwayo nangokuhambisana noMgomo Wokubusa ovunywe iSkimu. Izinyathelo eziqukethwe emgomweni ziqinisekisa ukuthi izinhlaka zokubusa zeSkimu zisebenza kahle kakhulu.
Ngenkathi ama-trustees namalunga amakomidi ehambela uqeqesho eminyakeni edlule, umgomo woqeqesho lwama-trustees olusemthethweni lwasungulwa ngo2009 ukuqinisekisa ukuthi ukufunda nokujwayezwa umsebenzi nendawo kwama-trustees kwenziwa ngendlela ehambisana nohlelo olusemthethweni. Izinguquko ezilindelwe kwiBhodi yama-Trustees ngesikhathi esiphela ngoDisemba 2010 zidinga ukuthi kufakwe ingcizelelo enkulu ekungenisweni oqeqeshweni kwama-trustees amasha.
Isu lokuphatha imali ekhokhwa nyangazonke elivela kubukezo lwenqubo yangaphakathi lakhiwa ukwethula izindaba eziqubuka ezikweletini nakumabhalansi ezikweletu, ukuhanjiswa kwe-PERSAL, amalunga ahola impesheni, ukumiswa kwamalunga nezicelo ezilindisiwe. Lolu bukezo lwenza u 50% wokuncipha okuphelele kwizikhalazo ezihlobene namalunga.
Ukusebenza komhlinzeki wensizakalo kwaphathwa ngendlela enamandla futhi kwabukezwa ngendlela eyimpumelelo ukwethula izinselelo ezazikhonjiwe. Ukuqaphelwa kokusebenza kuqhathaniswe nezibophezelo zenkontileka nokubika kuqhathaniswa nezinhlelo namasu kwenzeka.
Izindlela zokuhlanganisa izicelo zezinkokhelo zasungulwa zenziwa ukuze kuhanjiswe, kuqashwe futhi kuphathwe izicelo zezinkokhelo zomnyango wezempilo ngendlela eqeqeshekile. Ngokuphelele, isikali esingenaphutha sokuqhuba izicelo zezinkokhelo zeskimu ngo2009 sadlula u 99%.
Zonke izinkontileka zeskimu nabahlinzeki zabukezwa. Izinkontileka ezazikhona zagcinwa kanti izinkontileka zemisebenzi emisha yemihlinzeko yokuhlolisisa eZempilo noKuphila, uhlelo Lwabakhulelwe nemisebenzi Yezokuxhumana yasungulwa ngempumelelo.
Ukuqalwa komsebenzi Komkhandlu Wezikimu Zokwelapha, Isikhungo Semfundo Ephakeme sikaZwelonke- i-Mpumalanga (i-NIHE) noMkhandlu wabasebenzi Emfundweni Ephakeme (i-CHE) kwaphothulwa kanti abasebenzi balezi zinhlangano babhaliswa kwiSkimu. Umgomo wokusingatha uBugebengu eSkimini wenziwa nemisebenzi yabhekwa yiForamu Yobugebengu yeSkimu, noxhaso lokuphenya olunikezelwa Iyunithi Yokuphenya Ekhethekile (i-SIU).
Iskimu sabukeza isu lotshalozimali onyakeni lase livuma ukuqhubeka kohlelo lwesu esikhathini esasesisele onyakeni. Iskimu safaka izimali kumadiphozithi agxilile saba nama-akhawunti ezinhlanganweni zezimali ezinhlanu.
Ukusebenza kwenzalo yotshalozimali kwaqashelwa nyangazonke ngama-akhawunti asingathwa nyangazonke bese ebikwa ngokusemthethweni embikweni wokusebenza kotshalozimali wanjalo ngamakota. Kuze kube manje, iSkimu sihlanganisa umbiko njalo ngamakota ongumaka emiphumeleni yesu lotshalozimali elisetshenzisiwe. Le mibiko yafakazela ukuthi inzalo etholiwe ihambisana kahle nemakethe. Ngisho nangesikhathi sokudodobala komnotho esibonakalile ngo2009, iSkimu sakwazi ukutshala izimali ngobuhlakani saqinisekisa inzalo enkulu.
Umsebenzi omkhulu wenziwa ngo2009 ukuqinisa izilawuli zezimali nezinhlelo zokubona izindawo ezidinga ukuthuthukiswa. Uhlelo lokucwaningwa kwamabhuku olubukhali, kubandakanya umsebenzi wokucwaningwa kwamabhuku wangaphakathi nowangaphandle, lwabhekwa Yikomidi Lokucwaningwa kwamabhuku onyakeni.
Ukuthola umbiko wokucwaningwa kwamabhuku ongalingene onyakeni wethu wesine wokusebenza kungubufakazi bezinga abaphathi neBhodi elisebenza ngalo ukuvikela ngokuzinikela izimpahla zeSkimu kanye nalokho okubalulekile kumalunga.
Ibhodi lavuma uhlelo lokubambela luka2009 olwadala ukwakhiwa kwezinsizakalo zonakekelo ezisingethwe iSkimu ngokokuqondiswa kwezigwegwe -kanti kudala, izinsizakalo zonakekelo ezisingethwe zazabiwa uhlobo lwenzuzo.
Umsebenzi wokuthola ezinye izinhlelo zokubuyiselwa waqala ngokukhishwa nokusungulwa kwephrojekthi yokungathekisa ephakathi kweSkimu neNethiwekhi Yochwepheshe Bodokotela base-KZN. Inhloso yale phrojekthi yokungathekisa ukuthola nokukala ukuncipha okungenzeka ezindlekweni zonakekelo lwezempilo olungadalwa ukusungulwa kokuhlangana iwa ukukhokhela izinhlelo zensizakalo yokubuyiselwa.
Izidingo zezingqalasizinda zeSkimu zakhula ngokuqashwa kwamalunga amasha abasebenzi. Indawo yehhovisi eseduze namahhovisi abhalisiwe eSkimu yatholakala ngeKota 4 ka2009 yase isiqashwa yiSkimu emva kokubhekwa nokuvunywa yiBhodi lama-Trustees. Indawo yehhovisi enwetshiwe yalungiselelwa ukwenzela amalunga abasebenzi ukuthi akwazi ukungena emahhovisi amasha ngoFebhuwari 2010.
Abanye abahlinzeki banikwa inkontileka ukuxhasa indawo yemisebenzi ehlanganyelwe yeSkimu kubandakanya umhlinzeki omusha we-IT kanye nomhlinzeki wemisebenzi ye-HR.
Iskimu sakhipha ukusungulwa okunhlobonhlobo kwezibophezelo zomphakathi zenkampani ngesikhathi esingaphansi kobukezo. Eyodwa yamaphrojekthi yabandakanya ukukhonjwa kwezikole ezintathu emphakathini ontulayo KwaZuluNatali. Izikole ezintathu zalekelelwa ngokwenzelwa ngcono ingqalasizinda namathuluzi okusebenza, njengokufakelwa kwamawindi aphukile nokulungiswa kwezindlu zangasese.
Ngaphezu kobungozi besu, ubungozi bomsebenzi nabo bakhonjwa kanti izindlela zokunciphisa ubungozi zasungulwa ukuze zisebenze esikhathini esingaphansi kobukezo. Zonke izilinganiso zobungozi namasu okunciphisa kwavunywa yiBhodi kwase kubhekwa iKomidi Elicwaninga amabhuku. Umphathi Omkhulu wahlinzeka iBhodi ngemibiko yenqubekela phambili ekhishwa njalo ngamakota mayelana nokwenziwa kwezindlela zokunciphisa ubungozi ezivunyiwe futhi nokuthobela umgomo wokuphathwa kobungozi weSkimu wafakazelwa ngoDisemba 2009.
Umgomo Wokuphathwa Kobungozi WeSkimu waqhubeka wabukezwa ukufaka amarefurensi alungile Embikweni weNkosi III Embusweni Wokuhlanganyela.
Umgomo Wokuphathwa Kwenxanxathela Yokuphakela yeSkimu yahlanganiswa kanti izindlela zokubusa ezinenkambiso elungileyo zasetshenziswa ngo2008 zasetshenziswa futhi esikhathini esingaphansi kobukezo.
Ibhodi lama-Trustees lavuma kudala ukuthi u-GEMS kufanele alekelele Umnyango Wobudlelwano Bamazwe Omhlaba Nokuhlanganyela ekwakheni uhlobo lwenzuzo yamazwe omhlaba lwabasebenzi abazinze phesheya. Uhlelo lokuqala, umsebenzi wokucubungula nokuxhumana noMkhandlu Wezikimu Zokwelapha kwenziwa kodwa inqubo yamiswa njengoba ulwazi olufanele lwalulindiwe oluvela Emnyangweni kanye nezikimu zokwelapha abasebenzi abasabhaliswe kuzona njengamanje. U-GEMS unesibophezelo sokuqhubezela phambili inqubo. Ulwazi lwatholwa ekugcineni nomsebenzi waqhubeka ekupheleni kuka2009.
Isikali sempumelelo yanyangazonke yamalunga asebenzisa insizakalo yaBangani be-GEMS yayilokhu ingaphansi kuka 50%.
Isikali somgodla weSkimu asigculisanga ngokoMgomo 29 woMthetho Wezikimu Zokwelapha. Iskimu saba nokukhula kwamalunga okukhulu ngesikhathi esingaphansi kobukezo kanti lokhu kwahlambulula amazinga omgodla weSkimu nesikali sokuba namandla okukhokha zonke izikweletu. Isikali sokuba namandla okukhokha zonke izikweletu naso sathinteka ngokunyuka okwedlula lokho okwakwabelwe imali Ohlwini Lwamanani Erefurensi Yezempilo Kuzwelonke (okuyisikali esisetshenziswa yiSkimu ukukhokhela izicelo zezinkokhelo) nokunyuka Enanini Lokuphuma Elilodwa lemithi (i-SEP) ngesikhathi esingaphansi kobukezo okwanciphisa imigodla ngo 0.89%. Okunye, izicelo zenkokhelo ezingaphezu kwalazo ezazilindelekile zango2009 ezazidalwa ubhubhane olunhlobonhlobo (okungumkhuhlane, umkhuhlane wezingulube ne-RSV) nokunyuka kwenani lezinqubo abantu abazikhethela zona zenziwa ezibhedlela. Isilinganiso aamandla okukhokha izikweletu zonke zika 11.08% mhlaka 31 Disemba 2009 sehla ezingeni lika 11.93% elivunywe Umphathi ngo2007 okwalandela ukuvunywa kohlelo lwebhizinisi olwahanjiswa yiSkimu Emkhandlwini Wezikimu Zokwelapha. Iskimu sabika ngokushesha Emkhandlwini Wezikimu Zokwelapha ngokweSigaba 29 soMthetho Wezikimu Zokwelapha. Okubalulekile, izimali ezenziwa zanyuka cishe ngo 36% zisuka ezigidini ezingu R723 ziya ezigidini ezingu R986 kodwa lokhu akuzange kwanele ukumesha ukunyuka ngo 59% emholweni womnikelo waminyaka yonke.
Uhlobo i-Onyx luwuhlobo lwenzuzo kuphela eyabika ukuntuleka kwezimali onyakeni ongaphansi kobukezo yahluleka nokwanelisa imihlinzeko yesigaba 33 yoMthetho Wezikimu Zokwelapha. Ukulahlekelwa kulolu hlobo kuhlobene nezicelo zenkokhelo eziphezulu ezenziwa, ukuvama kwezifo ezingapheli nesikali sokulaliswa esibhedlela kwamalunga angaphansi kwalolu hlobo, nokuthi ngaphezu kuka 20% wabangaphansi kwalo i (isikali esingaphezu ngokuphindwe kathathu kunesikali sokuvama kweskimu sonke sabahola impesheni).
Ngifisa ukusebenzisa leli thuba ukubonga abasebenzi babahlinzeki bezinsizakalo abangeniswe kwinkontileka yiSkimu ukunikeza izinsizakalo. Laba basebenzi babhekana nezinselele ezinhlobonhlobo ngesikhathi esingaphansi kobukezo kodwa baqhubeka nokubonisa ukuzinikela kwabo kubantu abangaphansi kweSkimu.
Ngifisa ukubonga ngokuphelele uNgqongqoshe ngokwenza iSkimu sikwazi ukuphokophelela phambili nokwengeza isithunzi sakhe kwizigameko nezinqubo zeSkimu.
Okokugcina, izwi lokubonga elikhethekile kufanele lidluliselwe kumkami othandekayo nezingane abangivumele ukuhambela imisebenzi yami njengoMphathi Omkhulu walokhu okugcina kuyiskimu sokwelapha esihamba phambili sikaHulumeni.
Isibophezelo sohlelo lokulondoloza, okuyingxenye yediphozithi, sivunywa ngokuhambisana ne-IAS 39 futhi sikalwa ngezindleko ngoba sinophawu lokufuna. Iminikelo yohlelo lokulondoloza igunyazwa ngenzalo eqongelelwe futhi ikhishwa ngesamba, okungukuthi awukho umhlinzeko owenziwa ngezicelo zenkokhelo ezisele ekupheleni konyaka.
Ngokwesigunyazo sangaphambilini sasesibhedlela nezinsizakalo zosizo oluphuthumayo, izimali zibalwa ngokwenani lamalunga abhalisiwe enyangeni (ngokubandlulula amalunga amisiwe). Ibhalansi esele ayibi nanzalo kanti ifuneka ezinsukwini eziyi 7.
Umbuso nokuphathwa kweSkimu kwabhekwa yiBhodi lama-Trustees, elinabantu abayishumi nambili abanekhono nabafanele ukubamba ihhovisi.
Imisebenzi yotshalozimali yeSkimu iyivulela ebungozini bezimali obunhlobonhlobo, kubandakanya umthelela wezilinganiso zenzalo. Uhlelo lokusingatha ubungozi oluphelele lweSkimu lugxile ekungaqageleleki kwezimakethe zezimali kanti luhlose ukunciphisa imithelela emibi engenzeka ekusebenzeni kwezimali zotshalozimali iSkimu esingene kulo ukuhlangabezana nesibophezelo kumalunga aso.
Ukusingathwa kobungozi nezinqumo zotshalozimali kwenziwa Umphathi Ophezulu weSkimu, ngaphansi koqondiso lwemigomo evunywe yiBhodi lama-Trustees. Umphathi Ophezulu uhlinzeka ngemigomo ebhalwe phansi yokusingathwa kobungozi obuphelele, nemigomo ebhaliwe ekhava izindawo ezithile njengobungozi besikali senzalo, ubungozi besikweletu, ukusetshenziswa kwezindlela eziphumile kwezinye zezimali nokutshalwa kwesamba eseqile.
Izibalo zebhizinisi ezibalulekile nemincele yokusebenza kwethulwe kulesi sigaba Sombiko Webhodi ukubonisa ukuthi ibhizinisi leSkimu selikhule kangakanani, izinsizakalo sezinikiwe nebhizinisi selenze kangakanani esikhathini samanje.
Ukukhula kobulunga ngonyaka ka2009 benza ukuthi iSkimu sengeze u 109,000 wamalunga amasha onyakeni. Ukukhula kobulunga kwadala ukukhula enanini lolayini bezicelo zenkokhelo ezamukelwa, ezahlolwa nezakhokhelwa. Ngokuphelele iSkimu sakhokha ngaphezu kwezigidi ezingama 47 zolayini bezicelo zenkokhelo ngo2009 (ngokuqhathanisa nezigidi ezingama 32 zikalayini bamakleymu ngo2008).
Ukunyuka ezindlekweni zezinzuzo kusukela ngo-Ephreli kuya kuSepthemba minyaka yonke kwenziwa izikhathi zonyaka (izinyanga zasebusika). Iskimu sinomjikelezo wenkokhelo yezicelo zenkokhelo zamasonto angu 4 kodwa ukunyuka nokwehla ngokushesha ngezinyanga zikaJulayi no-Agasti kungenxa yezicelo zenkokhelo ezijikelezayo ngezinsuku zemisebenzii ezinde, okuyimijikelezo yezicelo zenkokhelo yamasonto ayi 5. Isilinganiso sezicelo zenkokhelo ezayaba ngoDisemba 2009 sasingu 72.06% ukuqhathaniswa no 41% ngoDisemba 2008. Lo msebenzi ophezulu ungadalwa ukuthi uDisemba unezinsuku zokusebenza eziningi (izinsuku ezingama 34) ukuqhathaniswa noNovemba (izinsuku ezingama 28). Futhi, abahlinzeki bezinsizakalo bashesha ekuhambiseni izicelo zenkokhelo yabo yangoDisemba, njengoba izicelo zenkokhelo ezingaphezu kuka 60% ezakhokhelwa ngoDisemba zihlobene naleyo nyanga.
Uhlobo lwe-Emerald lusala luwuhlobo lwenzuzo enkulu kunazo zonke (76.6% wamalunga amakhulu) ngenkathi uhlobo lwe-Beryl lusala luwuhlobo lwenzuzo encane kunazo zonke (2.8% wamalunga amakhulu). Uhlobo lwe-Sapphire lwaqopha ukunyuka okuphezulu kwamaphesenti ngelunga ngalinye ngenyanga uma luqhathaniswa nezinye. Lolu hlobo lwakhombisa lesi sikali sokukhula esiphezulu ezinyangeni ezinhlanu zilandelana kuya kuDisemba, ifakazela impumelelo yokusungulwa kabusha kwezimakethe ezihlosiwe ezinyangeni ezithintekayo.
Ukukhokhwa kwezicelo zenkokhelo kumele ingxenye enkulu yomsebenzi owenziwa ngu-GEMS.
Iskimu senza kahle kakhulu ngonyaka ka2009, siqoqa iminikelo eyeqa izicelo zenkokhelo nezindleko zazo zonke izinhlobo ngaphandle kohlobo lwe-Onyx. Ithebula elilandelayo lifingqa umsebenzi wezinhlobo zakwa-GEMS ngokulandelana kwazo ngo2009.
Ngokuphelele, izicelo zenkokhelo zangaphandle kwesibhedlela zazingaphezulu kakhulu kunokwakulindelwe okungu 18.77% ngaphezu kokwakulindelwe. Zonke izindleko zezicelo zenkokhelo zangaphandle kwesibhedlela ngaphandle kwezikeni ze-ultrasound ngokukhulelwa ngakunye zazingaphezu kwesabiwomali. Izigaba zezicelo zenkokhelo ezaba nokuphambuka okukhulu kumaphesenti kwisabiwomali kwaba ezobuchwepheshe bamazinyo, ingculaza negciwane layo nokubelethela ekhaya. Nakuba kunjalo, ngaphandle kwengculazi negciwane layo ngokwamanani ukuphambuka kwisabiwomali okuba kulezi zigaba zezicelo zenkokhelo kwakuyize.
Ngokwamanani, ukuphambuka okukhulu kakhulu kwisabiwomali kwizicelo zenkokhelo zangaphandle kwesibhedlela kwaba okongoti bangaphandle kwesibhedlela, imithi yezifo eziyingcuphe neyakho, ingculazi negciwane layo nodokotela bamazinyo abangochwepheshe. Lezi zicelo zenkokhelo zaziyiziqondisi ezinkulu zokuphambuka kwisabiwomali okwaba khona kwizicelo zenkokhelo zangaphandle kwesibhedlela ngo2009.
Iphrofayli yobungozi bobuningi babantu kwi-Emerald nakwi-Ruby yaba kahle kodwa yehla kwi-Onyx kanti lokhu kubonakala ekusetshenzisweni kwezibhedlela nezindleko. Ezingeni leSkimu, ukusetshenziswa okuphelele kwesibhedlela akunyukanga kakhulu, kodwa ukunyuka kwezindleko zesibhedlela kubukeka kuhlobene kakhulu nezinguquko ekuxubaneni kwezimo, okuhlobene namanani anyukile nobunzima kwabanye abalaliswayo.
Kulokhu, kube nokunyuka kwabalaliselwa inyumoniya, impilo yengqondo, ukufakelwa kwedolo nokuhlinzwa kwamajoyinti omzimba, kodwa eziningi izigaba zezindleko ezinkulu ezinjengokulaliselwa inhliziyo namathambo zehla. Ukulaliswa kwabakhulelwe nabaphethwe izinye, ngenkathi kusadala ingxenye ephezulu yezindleko zesibhedlela, nakho kwehlile ukuvama kwakho kanti lokhu futhi kukhona nasekubeletheni ngokuhlinzwa nenqubo yokuhlinzwa ngokufakwa okuthile esibelethweni. Yize iphrofayli yezifo ezingapheli (i-chronic) likhula, izindleko ezinkulu zemithi zivela ekungeneni ngesihle nasemithini etholakala ekhawunteni. Ukugxila kwango2010 kuzoba ekusingathweni kokusetshenziswa kwemithi ethengwa ekhawunteni, izifo ezingapheli, amalunga asebungozini obukhulu nomthelela ezindlekweni zasesibhedlela hhayi nje wezifo zendlela yokuphila, kodwa nempilo yengqondo nengculazi negciwane layo.
Ukunyuka kwezindleko zempilo ngayinye kwabalaliswayo kuka 16.6% kuhlobene nokunyuka kwenhlawulo ejwayelekile noshintsho ebudeni bokuhlala esibhedlela njengoba kukhonjiswa kwigrafu ngezansi.
Inani lokuguga kwamalunga liyagqama.
Iskimu kepha siyaqhubeka nokukhula kanti izindlela ezanele zikhona ukuqinisekisa ukuthi imigodla edingekayo iyatholakala eminyakeni ezayo nokuthi kuyafinyelelwa ku 25% ngo2011. Ukukhula ezimalini eziqongelelwe okufike ezigidini ezingu R986 zisuka kwezingu R723 kufanele ukukhunjulwa.
NgokoMthetho 13.2 weMithetho YeSkimu sakwa-GEMS neSigaba 26 soMthetho weSkimu Sokwelapha iminikelo yamalunga kufanele ikhokhwe nyangazonke esele futhi ikhokhwa kungakadluli usuku lwesithathu enyangeni ngayinye. Ngesikhathi esingaphansi kobukezo, amaqembu athile abaqashi akhokha iminikelo egameni lamalunga awo emva kosuku lwesithathu enyangeni. Abaphathi beSkimu baxoxa namaqembu abaqashi ukuthola iziathu zokukhokhwa sekudlule isikhathi kweminikelo nokugqamisa umthelela walesi senzo kumalunga eSkimu. Umcwaningi-mabhuku Jikelele waziswa ngamaqembu abaqashi akhokha sekudlule isikhathi.
Ikomidi labacwaningi bamabhuku linikwe igunya yiBhodi lama-Trustees ngokwemigomo ebhalwe phansi emaqondana nalokho (Incwadi Enikeza Amandla Yekomidi Labacwaningi bamabhuku) kubulunga balo, igunya nemisebenzi. Ikomidi linamalunga ayisithupha kanti amabili alo angamalunga eBhodi lama-Trustees. Iningi lamalunga, kubandakanya uSihlalo, awasibo Abaphathi beSkimu noma abanye babahlenzeki bensizakalo yaso. Ilunga elilodwa elizimele laliyi-trustee kudala.
Umphathi Omkhulu, uMphathi Oyinhloko: Izimali zeSkimu, Imenenja Yezezimali yoMphathi, Abacwaningi bamabhuku eSkimu Bangaphakathi naBangaphandle bahambela, uma bemenywa, imihlangano yeKomidi futhi bangena ngokungavinjelwa kuSihlalo weKomidi Labacwaningi Bamabhuku.
Ngokuhambisana nemihlinzeko yoMthetho, isibophezelo esisemqoka seKomidi Labacwaningi bamabhuku ukulekelela iBhodi lama-Trustees ekwenzeni imisebenzi yalo ehlangene nemigomo yama-akhawunti eSkimu, izinhlelo zokulawula zangaphakathi, nemisebenzi yokubika ngezimali nokuphathwa kobungozi. Ikomidi Labacwaningi bamabhuku lenza umsebenzi walo ngokwemigomo yeNcwadi enika igunya Yekomidi Labacwaningi bamabhuku onyakeni ka2009. Abacwaningi Bamabhuku Bangaphandle naBangaphakathi babika ngokusemthethweni kwiKomidi ngezinto abazitholile ezinengozi eziqhamuka emisebenzini yokucwaningwa kwamabhuku.
Amakomiti abalwe ngezansi anikwe igunya iBhodi lama-Trustees ngokwemigomo ebhalwe phansi ngobulunga, igunya nemisebenzi yawo. La makomidi ahlangana okungenani njalo ngamakota njengoba kubonisiwe kwisihleli sonyaka esivunyiwe unyaka nonyaka. Imihlangano yekomidi ihanjelwa ama-Trustees, abaphathi beSkimu babanye ongoti, abangesiwo amalunga alawo Makomidi, ngokunika izeluleko. Amathebula asekhasini 49 no 50 abonisa ukuhanjelwa kwemihlangano ngamaKomidi anhlobonhlobo.
Isibophezelo esisemqoka seKomidi ukulekelela iBhodi lama-Trustees ekuqinisekiseni umsebenzi oyimpumelelo weSkimu ngokuhlinzeka ukubheka, ukuhlola nokubukeza zonke izindaba zebhizinisi nemisebenzi yeSkimu. Kuze kube manje, iKomidi lilekelela iBhodi lama-Trustees ekuqinisekiseni ukuthi ukuhlanganyela okungenamphetho kuyenzeka phakathi kwabahlinzeki bezinsizakalo abahlukene ukuze kuhlangatshezwane nezinjongo zomsebenzi weSkimu. Ikomidi lilekelela futhi iBhodi ekuqinisekiseni ukukhula kobulunga beSkimu nezindaba zamalunga ezihamba phambili ngokubheka imisebenzi yezokuxhumana nezezimakethe.
Isibophezelo esisemqoka seKomidi ukuhlola, ukunquma nokubika ngemvume yezinkokhelo ze-Ex Gratia kumalunga eSkimu. Ikomidi ligunyazwe ukuvuma izinkokhelo ze-Ex Gratia kuphela lapho isimo nokubanjwa kokwelashwa kuphakathi kokufa nokuphila; ukulashwa kuyokwenza ikhwalithi yempilo ethuthukile yomfaki sicelo; ukulashwa kuqondene nomtholampilo futhi kugxile kwimihlahlandlela namaphrothokholi amukelwe emhlabeni wonke anokulapha okufakazelekayo; noma umfaki sicelo efakazeleka ngokuthi akanawo amandla okwenza ngenye indlela ukukhokhela ukwelashwa.
Ikomidi liguyazwe yiBhodi lama-Trustees ukuqinisekisa ukubusa ngokuhlanganyela okuphusile ngokuhlinzeka ukuphathwa, ukuhlolwa nokubukezwa kwazo zonke izindaba zamasu, zombuso, nezokuthobela zebhizinisi leSkimu. Izibophezelo zeKomidi zibandakanya ukuqinisekisa ukuthobela uMthetho Weskimu Sokwelapha neMigomo yaso; imithetho yezincwadi zemvume nezimpawu zebhizinisi; nezinye izinhlaka zomthetho eziphathelene nebhizinisi leSkimu. Ikomidi ligunyaziwe futhi ukuqinisekisa ukuphathwa okuyimpumelelo kobungozi nokuphathwa kwabanamasheya.
Azikho izinxushunxushu ezamukelwa yikomidi ngo2009.
Ama-Trustees anesibophezelo sokulungiselela, ubuqotho, nokwethulwa okulungile Kwezitatimende Zezimali zeSkimu Sokwelapha saBasebenzi Bakahulumeni. Izitatimende Zezimali ezethulwe emakhasini 57 no 70 zilungiselelwe ngokuhambisana Nemigomo Yokubika Ezezimali Yamazwe Omhlaba (IFRS) futhi zibandakanya amanani agxile ekwahluleleni nasesilinganisweni sabaphathi.
Ama-Trustees abona ukuthi ekulungiseleleni Izitatimende Zezimali Zonyaka asebenzise imigomo yama-akhawunti efaneleke kakhulu, esetshenziswe ngokungaguquki nexhaswe ukwahlulelwa nezilinganiso ezifanele nezinobuhlakani.
Ama-Trustees enelisekile ukuthi ulwazi oluqukethwe Kwizitatimende Zezimali Zonyaka lwethula ngokulungile imiphumela yemisebenzi yonyaka nesimo sezimali seSkimu ekupheleni konyaka. Ama-Trustees futhi alungiselele olunye ulwazi olubandakanyiwe embikweni wonyaka futhi anesibophezelo sokungabi naphutha nokungaguquki kwawo neZitatimende Zezimali.
Ama-Trustees anesibophezelo sokuqinisekisa ukuthi amarekhodi ama-akhawunti agciniwe. Amarekhodi ama-akhawunti aveza ngokungabi naphutha isimo sezimali zeSkimu okwenza ama-Trustees ukuthi akwazi ukuqinisekisa ukuthi Izitatimende Zezimali Zonyaka zivumelana nomthetho ofanele.
Isikimu Sokwelapha Sabasebenzi Bakahulumeni sisebenze endaweni elawulwa kahle, enemibhalo emihle nebukezwa njalo. Lokhu kufaka ukuphathwa kobungozi nezinqubo zokulawula ngaphakathi, ezidizayinwe ukuhlinzeka ngesithembiso esiqondekayo, kodwa futhi esingaphelele, sokuthi izimpahla zigadiwe ukuthi ziphephe nokuthi ubungozi obubhekene nebhizinisi buyalawulwa.
Izikhalazo eziqhubekayo zifakiwe ekulungiselweni Kwezitatimende Zezimali Zonyaka. Ama-Trustees awanaso isizathu sokukholwa ukuthi iSkimu ngeke sibe yisikhalazo esiqhubekayo esikhathini esizayo esibonakalayo, ngokugxila kwizibikezelo nezinsiza zezimali ezikhona. Lezi Zitatimende Zezimali Zonyaka zixhasa ukusebenza ngempumelelo kahle.
Abacwaningi bamabhuku eSkimu bangaphandle, i-SizweNtsaluba VSP banesibophezelo sokuhlola Izitatimende Zezimali ngoKwemigomo Yamazwe Omhlaba Ekucwaningweni Kwamabhuku kanti umbiko wabo wethulwe ekhasini 56.
